Amalungu amafa emvelo omphakathi kanye nomphakathi jikelele ayamenywa ukuba akhethe amalungu eBandla lamaFa eMvelo kaZwelonke (NHC).
Umgomo we-NHC ukuthuthukisa, ukwandisa nokuvikela amafa emvelo aseNingizimu Afrika, kanye nokuletha ukulingana ekuphathweni kwamafa emvelo . Izawuthola isamukelo sasephalamende esizobe sivela kuMnyango wezobuCiko namaSiko kanti izawuphinda futhi, yenze ezinye izinto, njengokunikeza imali ngezinkokhelo ezidluliswa yibhangi ukuya kuzikhungo kanye namaphrojekthi/imisebenzi angaphansi kwabo athunyelelwayo.
I-NHC yasungulwa njengegatsha lo mthetho ngaphansi koMthetho weBandla lamaFa eMvelo kaZwelonke wonyaka we-1999 (umthetho wenombolo.11 wonyakawe-1999). Amalungu we-NHC azawuba nesibopho sokwenza okubekwa yilo Mthetho bazawulindeleka ukuthi bazijwayeze ukuphatha okusezingeni eliphezulu kwe-NHC belandela umThetho wokuPhatha iziMali zomPhakathi obumbene, wonyaka we-1999 (umThetho wenombolo -1 we-1999).
Abakhethwayo kumele babe nolwazi kumkhakha wamafa emvelo, ubuciko bomlomo, umlando kanye nokulondwa kwendalo, kumele bahlonishwe yinhlangano ngobubanzi wamafa emvelo, kumele baziwe njengabantu abaqotho abanokuzimisela ekulondeni nasekongeni amafa ethu emvelo ahlukile, kanti akumele abe nesikhundla kunoma yiyiphi inhlangano yezombusazwe.
Amalungu e-NHC angeke bamukele iholo lenyanga, kodwa bazokhokhelwa izindleko abazikhokhe ngeyabo imali ezihambelana nokusebenza ku-NHC. Amalungu bazothola futhi isiphiwo sokubonga imisebenzi abayenzayo.
Iqembu labakhethayo lizawumiswa nguNgqongqoshe ukwenza uhlu lwezimfunda kukhetho lutholiwe bese kweziwa ukuxoxisana nomphakathi nemfunda ngayinye . Incazelo yeqembu elimisiwe kuzawuba ukuqinisekisa ukuthi ukhetho lokugcina luzawuba nabameli bemikhakha yonke yamafa ezwe, yonke imiphakathi kanye nobulili bobubili, kanye nokuthi ukukhetha jikelele kube sezingeni eliphezulu elingabakhona.
Iqembu labakhethayo lizokwethula uhlu olufishane lwamalungu angama-15 kuNgqongqoshe, ozokwenzaukhetho lokugcina lwe-NHC oluvela kulolu luhlu.
Ubuncane bamalungu amahlanu e-NHC angakhethwa ngalendlela, kanye nokufakelela I-MEC ephatha amafa ezemvelo nokulondwa kwesifunda ngasinye kumele akhethe ummeli oyedwa waleso sifunda.
a Incwadi equkethe amagama ngokugcwele, ikheli, izinombolo zocingo nezefeksi zophakanyiswayo, nezizathu zokumkhetha.
b I-kharikhulamu vithaye/incwadi yempilo efanele yophakanyisiwe echaza ukufaneleka kwakhe ukuba aqashwe.
c Isitatimende esifushane esisayinwe ngophakanyisiwe, lapho evuma ukhetho.
d Amagama nemininingwane yokuxhumana yabantu ababili abamaziyo.
Alukho ukhetho oluzothathwa uma konke okungenhla kungafakiwe.
Ukhetho kumele lufike kuMphathi Jikelele Wesikhashana, UmNyango wezoBuciko namaSiko, ngaphambi komhlaka 14 febhruwari -2003.
